U-Isaya 40:25-31
U-Isaya 40:25-31 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngubani eningamfanisa nami neningangilinganisa naye na?” kusho oNgcwele. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa. Ukhulumelani wena Jakobe, usholoni wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuSimakade, nelungelo lami akalinaki uNkulunkulu wami na?” Awuzange wazi yini? Awuzwanga yini na? USimakade unguNkulunkulu ongunaphakade, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akapheli amandla, akakhathali; nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
U-Isaya 40:25-31 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Niyakungifanisa nobani ukuba ngifane naye?” usho oNgcwele. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa. Usholoni wena Jakobe, ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuJehova, ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na? Awazi yini? Awuzwanga na? UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali, nokuqonda kwakhe akunakuphenywa. Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha. Izinsizwa ziyaphela amandla, zikhathale, nabasha bawa nokuwa, kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
U-Isaya 40:25-31 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Pho lingangifanisa lobani, kumbe ngilingane? Kusho uNgcwele. Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone ukuthi ngubani owadala lezi zinto, okhipha impi yazo ngokwesibalo; Uzibiza zonke ngamagama ngobukhulu bamandla akhe, ngokuba unamandla amakhulu; akukho neyodwa eyehlulekayo. Usholoni, Jakobe, uthi, Israyeli: Indlela yami isithekile kuJehova, nokulunga kwami kudlulile kuNkulunkulu wami? Beningazi na? Anizwanga yini ukuthi uNkulunkulu waphakade, uJehova, uMdali wemikhawulo yomhlaba, akakhathali, akakhathali? akukho ukuhlolwa komqondo wakhe. Unika okhatheleyo amandla; nakulabo abangenawo amandla, uyabandisa amandla. Ngisho nezinsizwa ziyokhathala futhi zikhathale, nezinsizwa ziyowa ngokuphelele. Kepha abamethembayo uJehova bathola amandla amasha; bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi; bayogijima bangakhathali; futhi bayohamba bangadangali.