U-Isaya 4:5-6
U-Isaya 4:5-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uyodala phezu kwayo yonke indawo entabeni iZiyoni, naphezu kwazo zonke izindawo zokuhlanganela ifu emini, nentuthu nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku. Ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo, kuyoba khona isivikelo. Iyakuba ngumpheme nomthunzi ekushiseni kwemini, nesiphephelo nompheme esivunguvungwini nasemvuleni.
U-Isaya 4:5-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo. Kuyakuba khona idokodo, libe ngumthunzi ekushiseni kwemini nesiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni.
U-Isaya 4:5-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi uJehova uyodala phezu kwayo yonke indawo yokuhlala yeNtaba iZiyoni naphezu kwamabandla ayo ifu nomusi emini nokukhanya komlilo ovuthayo ebusuku, ngoba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyoba khona indawo yokucasha. Futhi kuyoba khona itabernakele njengesithunzi emini ngokumelene nokushisa nendawo yokukhosela nendawo yokucashela isiphepho nasemvuleni.