U-Isaya 30:19-21
U-Isaya 30:19-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wena sizwe esakhe eZiyoni, nina zakhamuzi zaseJerusalema, ningabe nisakhala; impela uyokwenzela umusa, lapho ezwa ukukhala kwakho, uyokuphendula. Nakuba iNkosi ikunike isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi benu abasayukucasha, kodwa amehlo enu ayakubabona abafundisi benu, nakuba niphambukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, izindlebe zenu ziyakuzwa izwi emva kwenu, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo.”
U-Isaya 30:19-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula. Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho, nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.
U-Isaya 30:19-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula. Noma uJehova eninika isinkwa sokuhlupheka namanzi osizi, abafundisi benu abasayikuntengantenga ekhoneni, kodwa amehlo enu ayobabona abafundisi benu. Izindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho lithi: Nansi indlela, hambani ngayo, lapho niphambuka ngakwesokunene, nalapho niphambuka ngakwesokhohlo.