U-Isaya 14:12-17
U-Isaya 14:12-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokuqunjwa kwakho phansi, wena owawunqoba izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyokhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyohlala entabeni yomhlangano ngasemaphethelweni aseZafoni. Ngiyokhuphuka ezindaweni eziphakemeyo phezu kwamafu, ngizenze ngibe njengoPhezukonke.’ Nokho wehliselwe endaweni yabafileyo, emajukujukwini omgodi. “Abakubonayo bayokubhekisisa, bakuqaphelisise, bese bethi: ‘Nguye yini lo muntu owazamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, owenza izwe laba yihlane, wabhubhisa imizi yalo, akazivumela iziboshwa ukuba zibuyele emakhaya na?’
U-Isaya 14:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe. Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho. Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’ Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. “Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: ‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso, owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’
U-Isaya 14:12-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wawa kanjani ezulwini, wena Lusifa, ndodana yokusa! unqunyulwe phansi kanjani, wena othuya izizwe! Ngoba wena wathi enhliziyweni yakho: Ngithanda ukukhuphukela ezulwini, ngizaphakamisa isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu; ngiyakuhlala entabeni yokuhlangana, emagumbini akude asenyakatho. Ngiyakwenyukela ngaphezu kweziqongo zamafu; ngizofana noPhezukonke. Nokho uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi. Abakubonayo bayakukubheka, bakubuke, bathi: ‘Nguye lo muntu owazamazamisa umhlaba, owenza imibuso ithuthumele na? owenza izwe libe njengehlane wachitha imizi yalo; ongayivulanga indlu yeziboshwa zakhe?