U-Isaya 11:1-11
U-Isaya 11:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele. UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uSimakade; akayukwehlulela ngokubona kwamehlo akhe, noma anqume ngakuzwe ngosizwile. Kepha uyakwehlulela abampofu ngokulunga, alunqume ngokufaneleyo udaba lwabathobekileyo bomhlaba, uyakushaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, ababulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe. Ukulunga kuyoba yibhande okhalo lwakhe, ukwethembeka kube yibhande lamanyonga akhe. Inkentshane liyoquba newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama; kukhuluphaliswe ndawonye, kuqhutshwe yingane encane. Inkomo nebhele kuyakuklaba ndawonye, namazinyane akho abuthise ndawonye, ibhubesi lidle utshani njengenkabi. Umntwana osancela uyodlala ngasemgodini wemfezi; olunyuliwe afake isandla sakhe emgodini webululu. Abayukukwenza okubi, noma babhubhise entabeni yami engcwele, ngokuba umhlaba wonke uyogcwala ukumazi uSimakade njengamanzi esibekela ulwandle. Ngalolo lusuku impande kaJese iyakuma njengebhanela lezizwe; abezizwe bayoyifuna, nendawo yayo iyokuba nodumo. Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.
U-Isaya 11:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kuphume igatsha ezimpandeni zakhe. UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe. Kepha uyakwahlulela abampofu ngokulunga, anqume ngokufaneleyo abathobileyo bomhlaba, awushaye umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, abulale ababi ngokuphefumula kwezindebe zakhe. Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe, ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe. Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise ndawonye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama kukhuluphaliswe kanyekanye, nomntwana omncane uyakukuqhuba. Inkomo nebhere* kuyakuklaba, amazinyane akho abuthise ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkabi. Umntwana oncelayo uyakudlala ngasemgodini webululu, olunyuliweyo elulele isandla sakhe esiseleni sikamantshingeyana. Abayikwenza okubi, bangachithi entabeni yonke yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle. Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime iyibhanela* lezizwe; abezizwe bayakuyifuna, nendawo yayo iyakuba nodumo. Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.
U-Isaya 11:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kuyakuphuma intonga esizweni sakwaJese, kuhlume ihlumela ezimpandeni zakhe; UMoya kaJehova uyakuba phezu kwakhe, uMoya wokuhlakanipha nowokuqonda, uMoya weseluleko nowamandla, uMoya wokwazi nowokumesaba uJehova; uyakumenza abe nomqondo osheshayo ekumesabeni uJehova; futhi ngeke ahlulele ngokubona kwamehlo akhe, noma ukusola ngokuzwa kwezindlebe zakhe. Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi. Ukulunga kuyakuba yibhande lezinkalo zakhe, nokuthembeka kube ibhande lezinkalo zakhe. Impisi iyakuhlala newundlu, ingwe ibuthise nezinyane lembuzi; ithole nebhongo lengonyama nezilwane ezikhuluphalisiweyo kanyekanye; nomntwana omncane uyakuzihola. Inkomo nebhere kuyoklaba; amazinyane azo abuthe ndawonye, ingonyama idle utshani njengenkabi. Omunyayo uyakudlala emgodini webululu, nolunyuliweyo abeke isandla sakhe emgodini. Aziyikulimaza, zingachithi yonke intaba yami engcwele, ngokuba umhlaba uyakugcwala ukumazi uJehova njengamanzi asibekela ulwandle. Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime njengebhanela labantu; emva kwalokho abezizwe bayakufuna, nokuphumula kwakhe kuyakuba yinkazimulo. Kuyothi ngalolo suku uJehova aphinde elule isandla sakhe ngokwesibili ensalini yabantu bakhe abasele, kusukela e-Asiriya naseGibhithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseShineyari naseShinari. EHamati naseziqhingini zasolwandle.