U-Isaya 1:16-18
U-Isaya 1:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Gezani, nizihlambulule; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami. Yekani ukwenza okubi. Fundani ukwenza okuhle, nifune ubulungiswa, nimelane nabacindezeli, nivikele izintandane, nimele abafelokazi. “Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade.
U-Isaya 1:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Gezani, nihlanzeke, nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami, niyeke ukwenza okubi. Fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi. “Wozani-ke, sithethe indaba,” usho uJehova; “noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokububende, ziyakuba njengoboya bezimvu.
U-Isaya 1:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Gezani, nihlanzeke; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; yekani ukwenza okubi; Fundani ukwenza okuhle; funani ukwahlulelwa, nisize abacindezelweyo, yahluleleni intandane, nimele umfelokazi. Wozani manje siyilungise indaba, usho uJehova; noma izono zenu zibomvu kakhulu, ziyakuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu njengokubomvu, ziyakuba njengoboya bezimvu.