UHoseya 4:4-19

UHoseya 4:4-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Makungabikho ophikisana nomunye, asole omunye; nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi. Mpristi, uyakukhubeka emini, kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku; nonyoko ngiyakumbhubhisa. Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena, ungabi ngumpristi wami; lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakho nami ngiyakukhohlwa abantwana bakho. Njengokwanda kwabo, kanjalo bona kimi; udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo. Badla izono zabantu bami, babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo. Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo. “Bayakudla, bangasuthi kodwa; bayakufeba, bangandi kodwa, ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova. Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo. Abantu bami babuza emthini, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba. Bayahlabela eziqongweni zezintaba, bashisa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,* ngokuba umthunzi wakho muhle; kungalokho amadodakazi enu ayafeba, nawomakoti benu bayaphinga. “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu, lapho efeba, nawomakoti benu lapho bephinga, ngokuba namadoda achezukela iziphingi, ahlaba kanye nezifebe zethempeli. Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa. “Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’ Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole; uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na? U-Efrayimi uhlangene nezithombe; myeke. Ukuphuza kwabo sekuphelile; bayafeba nokufeba; izikhulu zabo zithandisisa ihlazo. Umoya ubasongile ngamaphiko awo; bayakujabha ngemihlatshelo yabo.

Dlulisela
Funda UHoseya 4

UHoseya 4:4-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Makungabi bikho owethwesa omunye icala, makungabi bikho osola omunye, ngokuba abantu bakho bafana nalabo abaphikisana nomphristi. Uyokhubeka emini kwabha, nomphrofethi akhubeke kanye nawe ebusuku, ngimbhubhise nonyoko. Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho. Njengoba banda nje, kanjalo kuyanda nokona kwabo kimi. Ngiyakuguqula ukuhlonishwa kwabo kube yihlazo. Badla izono zabantu bami, balubalubele iziphambeko zabo. Kuyakuba kanje kubantu kanjalo nakumphristi: ngiyakubajezisa ngenxa yezindlela zabo, ngibajezise ngezenzo zabo. “Bayakudla, kodwa bangasuthi, bayakufeba, kodwa bangandi, ngokuba bamshiyile uSimakade, bazinikela ekufebeni, ewayinini, nasewayinini elisha, okususa ingqondo. Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba. Benza imihlatshelo ezicongweni zezintaba, bashise impepho emagqumeni, phansi kwemi-okhi, kwemiphophula nemitherebhinte, ngokuba umthunzi walokho muhle. Ngalokho-ke amadodakazi enu ayafeba, nomalokazana benu bayaphinga. “Angiyukuwajezisa amadodakazi enu lapho efeba, nomalokazana benu lapho bephinga, ngokuba namadoda aphambukela ezifebeni, enze umhlatshelo nezifebe zethempeli, abantu abangenakuqonda bayakubhubha. “Nakuba wena Israyeli ufeba, uJuda makangabi nacala; ungayi eGiligali, ungakhuphukeli eBhethi Aveni, ungafungi ngokuphila kukaSimakade. Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole esinenkani; pho uSimakade angabelusa kanjani njengewundlu lemvu emadlelweni abanzi na? U-Efrayimi uzibandakanye nezithombe, myeke kanjalo. Isiphuzo sabo sesiphelile, kodwa bayaqhubeka nokufeba, izikhulu zabo zilithanda kakhulu ihlazo. Umoya ubasongile ngamaphiko awo, bayakujabha ngemihlatshelo yabo.”

Dlulisela
Funda UHoseya 4

UHoseya 4:4-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kodwa kakungabi lamuntu ophikisayo kumbe okhuza omunye, ngoba abantu bakini banjengalabo abaphikisana lomphristi. Ngalokho uyakuwa emini, nomprofethi awe kanye nawe ebusuku, ngichithe unyoko. Abantu bami babhubha ngokuswela ukwazi; ngokuba ukulahlile ukwazi, nami ngiyakukulahla, ungabi ngumpristi wami; ngoba ukhohliwe umlayo kaNkulunkulu wakho, lami ngizakhohlwa abantwana bakho. Njengoba banda, kanjalo bona kimi; ngalokho ngiyakuphendula udumo lwabo lube yihlazo. Badla isono sabantu bami, babeka inhliziyo yabo ebubini babo. Futhi njengabantu kuyakuba khona njengabapristi, futhi ngiyobahambela ngenxa yezindlela zabo futhi ngibuyisele kubo izenzo zabo. Ngokuba bayakudla, bangasuthi; bayofeba, bangande, ngokuba bayekile ukumlalela uJehova. Ubufebe newayini newayini elisha kususa inhliziyo. Abantu bami babuza enqoleni yabo, udondolo lwabo luyabatshela, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, baphingile phansi kukaNkulunkulu wabo. Bahlabela eziqongweni zezintaba, benyusa impepho emagqumeni, phansi kwama-oki, nemipopulari, nemifembe, ngokuba umthunzi wawo muhle; ngalokho amadodakazi enu ayaphinga, nabayeni benu bayaphinga. Angiyikuhambela amadodakazi enu, uma efeba, nabafelokazi benu, uma bephinga; ngoba bahlukene nezifebe, bahlabela nezifebe; ngakho-ke abantu abangaqondi bayakuwa. Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova! Ngokuba u-Israyeli uwile njengethokazi elinhlanhlathayo; manje uJehova uyakuzalusa njengewundlu endaweni ebanzi. U-Efrayimi uhlangene nezithombe; makasukume. Isiphuzo sabo simuncu; baphinga njalo; abaphathi bakhe bathanda ngamahloni, bakunike. Umoya umbophile ngamaphiko akhe, futhi bayoba namahloni ngemihlatshelo yabo.

Dlulisela
Funda UHoseya 4