KumaHeberu 7:1-10
KumaHeberu 7:1-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; u-Abrahama wamabela okweshumi kukho konke yena ogama lakhe lithi kuqala ukuhunyushwa kwalo inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okungukuthi inkosi yokuthula, engenayise, engenanina, engenaluzalo, engenakuqala kwezinsuku nakuphela kokuphila, kepha efaniswe neNdodana kaNkulunkulu, uhlala engumpristi njalonjalo. Qondani-ke ukuthi ungakanani yena owanikwa okweshumi kwempango ngu-Abrahama ukhokho. Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, ingani baphume okhalweni luka-Abrahama; kepha yena ongabalwa ozalweni lwabo uthathile okweshumi ku-Abrahama, wambusisa lowo onezithembiso. Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu. Lapha-ke abantu abafayo bamukeliswa okweshumi, kepha lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila. Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi watheliswa okweshumi ngaye u-Abrahama, ngokuba wayesesokhalweni lukayise mzukwana uMelkisedeki emhlangabeza.
KumaHeberu 7:1-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngokuba uMelkisedeki lo, inkosi yaseSalema, umpristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abrahama ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; U-Abrahama wamnika okweshumi kwakho konke; okokuqala ngokuthi ngokuhunyushwa iNkosi yokulunga, futhi emva kwalokho futhi inkosi yaseSalema, okungukuthi, iNkosi yokuthula; Engenayise, engenanina, engenanzalo, engenakuqala kwezinsuku, nakuphela kokuphila; kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu; uhlala engumphristi njalonjalo. Bhekani-ke ukuthi wayemkhulu kangakanani lowo, u-Abrahama ukhokho amnika okweshumi kwempango. Kepha labo abangamadodana kaLevi abemukeliswa ubupristi banomyalo wokuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, noma bephuma okhalweni luka-Abrahama; Kodwa yena ongabalelwa ozalweni lwabo uthathile okwetshumi kuAbrahama, wambusisa lowo owayelezithembiso. Njalo kakuphikiswa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu. Futhi lapha abantu abafayo bamukela okweshumi; kodwa lapho uyawemukela, ofakazelwa ngaye ukuthi uyaphila. Futhi kungathiwa noLevi owamukela okweshumi wakhipha okweshumi ngo-Abrahama; Ngoba wayesesokhalweni lukayise, mhla uMelkisedeki emhlangabeza.
KumaHeberu 7:1-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMelkhizedeki lo, yinkosi yaseSalema, umphristi kaNkulunkulu oPhezukonke, owahlangabeza u-Abhrahama mhla ebuya ekubulaleni amakhosi, wambusisa; u-Abhrahama wamabela okweshumi kukho konke, yena ogama lakhe okokuqala uma lihunyushwa lisho ukuthi inkosi yokulunga, bese kuba yinkosi yaseSalema, okuchaza ukuthi inkosi yokuthula. Kanayise, kananina, kanaluzalo, kanasiqalo sezinsuku nakuphela kokuphila, kodwa enziwe wafana neNdodana kaNkulunkulu, uyohlala engumphristi kuze kube phakade. Bonani-ke ukuthi mkhulu kangakanani lo owanikwa okweshumi kwempango ngu-Abhrahama ukhokho. Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama. Kepha yena ongaveli olibeni lwabo, wemukela okweshumi ku-Abhrahama, wambusisa lowo onezithembiso. Kepha akunakuphikwa ukuthi omncinyane ubusiswa ngomkhulu. Lapha-ke abantu abafayo bemukeliswa okweshumi, kodwa lapho ngofakazelwa ukuthi uyaphila. Kungashiwo ukuthi uLevi uqobo wemukela okweshumi, wakhokha okweshumi ngaye u-Abhrahama, ngokuba wayesesokhalo lukayise mzukwana uMelkhizedeki emhlangabeza.
KumaHeberu 7:1-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)