KumaHeberu 6:9-12
KumaHeberu 6:9-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha bathandekayo, noma sikhuluma kanje, sineqholo lokuthi ninakho okungcono okuqondene nensindiso. Ngokuba uNkulunkulu akasiye ongalungile ukuba akhohlwe ngumsebenzi wenu nothando enalubonakalisa egameni lakhe, lokhu ngokukhonza abangcwele, futhi enisalokhu niqhubeka nibakhonza. Sifisa sengathi kungaba yilowo nalowo kini akhombise lokho kushisekela okufanayo, lize lipheleliswe ithemba lenu kuze kube sekugcineni; ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.
KumaHeberu 6:9-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha siyethemba ngani bathandekayo okuhle kunalokho, ngisho okuqondene nokusindiswa, noma sikhuluma kanje. Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza. Kepha sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokho kukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube sekupheleni, ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.
KumaHeberu 6:9-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa, bathandekayo, silethemba ngani ezintweni ezingcono kakhulu, lanxa sikhuluma kanje. Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza. Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni. ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.
KumaHeberu 6:9-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa, bathandekayo, silethemba ngani ezintweni ezingcono kakhulu, lanxa sikhuluma kanje. Ngokuba uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nomshikashika wothando enalubonakalisa kulo igama lakhe, ngokukhonza abangcwele, nisabakhonza. Sifisa ukuthi yilowo nalowo kini akubonakalise lokho kukhuthala, kube yisiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni. Ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.