KumaHeberu 13:1-7
KumaHeberu 13:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi. Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
KumaHeberu 13:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Maluqhubeke uthando lobuzalwane. Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi. Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya. ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani. Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.

KumaHeberu 13:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uthando lobuzalwane maluqhubeke njalo. Ningakhohlwa wukuphatha kahle izihambi, ngokuba abanye benu ngokwenza kanjalo baphatha kahle izingelosi bengazi. Khumbulani ababoshiweyo kube sengathi nani luqobo niboshwe kanye nabo, nibakhumbule nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisesemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo. Maningaphili ngokuthanda imali, yaneliswani ngeninakho, ngokuba Yena ushilo wathi: “Angisoze ngakulahla, futhi angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyukwesaba; umuntu angangenzani na?” Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
KumaHeberu 13:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Malume njalo uthando lobuzalwane. Ningakhohlwa ukungenisa izihambi ngokuba ngalokho abanye bangenisa izingelosi bengazi. Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,” ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?” Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.
KumaHeberu 13:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Maluqhubeke uthando lobuzalwane. Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi. Khumbulani ababoshiweyo ngokungathi niboshiwe kanye nabo; nabaphathwa kabi, njengokuba nani nisemzimbeni. Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela. Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya. Ukuze singasho ngesibindi sithi: INkosi ingumsizi wami, angesabi umuntu angangenzani. Khumbulani abaniholayo, abakhulume izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.