KumaHeberu 10:32-39
KumaHeberu 10:32-39 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko; Enxa nje senziwe into ebukelwayo kokubili ngesihlamba nangezinhlupheko; futhi inxenye, naningaba ngabangane abasetshenziswayo. Ngokuba nazwelana nami ekuboshweni kwami, nakwamukela ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ngokwenu ninempahla engcono nemiyo. Ngakho-ke ningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze kuthi, seniyenzile intando kaNkulunkulu, namukele isithembiso. Ngokuba kuseyisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala. Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye. Kodwa thina asisibo abokuhlehlela emuva ekubhujisweni; kodwa kwabakholwayo kube ngukusindiswa komphefumulo.
KumaHeberu 10:32-39 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha khumbulani izinsuku esezadlula, okwathi senikhanyisiwe, nabhekana nobunzima obukhulu bezinhlupheko. Ngesinye isikhathi nithukwa, nihlukunyezwa, kubukiswa ngani, nangesinye isikhathi nizihlanganisa nalabo ababephila kanjalo. Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade. Ngakho-ke ningayeki ukuba neqholo, elinomvuzo omkhulu. Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso. Akusensuku zatshwala afike ozayo, akayukulibala. Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye. Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.
KumaHeberu 10:32-39 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko, kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo. Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo. Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu. Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso. Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala; kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye. Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.
KumaHeberu 10:32-39 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)