UHabakuki 3:16-18
UHabakuki 3:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo. Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni, nokho mina ngiyakujabula ngoSimakade, ngithokoze ngoNkulunkulu wensindiso yami.
UHabakuki 3:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami, izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo; ukubola kungena emathanjeni ami, ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona, ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu okuyakucindezela abantu. Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni, nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.
UHabakuki 3:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi; Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho sithelo emvinini; umsebenzi womnqumo uyophela, namasimu awayikuthela ukudla; imfuyo encane kufanele iqedwe esibayeni, futhi akufanele kube nezinkomo ezibayeni; Kepha mina ngiyakuthokoza ngoJehova, ngijabule kuNkulunkulu wensindiso yami.