UHabakuki 3:1-4
UHabakuki 3:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Umkhuleko kaHabakuki umprofethi; ngeShigiyonoti.* Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni. UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu. Sela* Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe. Kuqhamuka ukubengezela kunjengokukhanya; imisebe ivela esandleni sakhe, efihla lapho amandla akhe.
UHabakuki 3:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Umkhuleko kaHabakuki umphrofethi ngeshigiyonothi. Simakade, ngizwile umbiko ngawe, ngiyawesaba Simakade umsebenzi wakho; uvuselele nakule minyaka, wenze ukuba waziwe kule minyaka, ukhumbule isihawu sakho nasolakeni. UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni iPharanu. Sela Inkazimulo yakhe isibekela amazulu, udumo lwakhe lugcwele umhlaba. Ukukhanya kwakhe kufana nelanga liphuma, imisebe ivela esandleni sakhe, kulapho amandla akhe efihlwe khona.
UHabakuki 3:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Umkhuleko womprofethi uHabakuki phezu kweShigiyoni. Jehova, ngizwile izwi lakho, ngesaba; Jehova, mawuphile umsebenzi wakho phakathi kweminyaka, wazise phakathi kweminyaka; olakeni khumbula umusa. UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele evela entabeni yasePharanu. Sela. Inkazimulo yakhe yasibekela amazulu, futhi umhlaba ugcwele indumiso yakhe. Ukukhanya kwakhe kwakunjengokukhanya; kwaphuma izimpondo esandleni sakhe, futhi kwakukhona ukufihlakala kwamandla akhe.