UHabakuki 2:1-4
UHabakuki 2:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngime embhoshongweni, ngibheke ukuba ngibone ukuthi uyakukhulumani ngami, nokuthi ngiyakuphendula ngithini ngokukhononda kwami. USimakade wangiphendula wathi: “Bhala phansi umbono, uwenze ucace ezibhebheni ukuze owufundayo asheshe nawo. Ngokuba umbono usalokhu ungowesikhathi esinqunyiweyo, uyakushesha ufike esiphethweni, awuyukukhohlisa; nakuba uyakubambezeleka, ulinde, ngokuba impela uyakufika, awuyukwephuza. Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
UHabakuki 2:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakuma endaweni yami yokulinda, ngigcule enqabeni, ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami. UJehova wangiphendula wathi: “Wulobe umbono, uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza. “Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile, awuqotho phakathi kwakhe, kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.
UHabakuki 2:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakuma ewashini lami, ngihlale phezu kombhoshongo, ngibuke ukuba ngibone ukuthi uyakuthini kimi nokuthi ngiyakuphendula ngokuthini lapho ngisolwa. UJehova wangiphendula, wathi: “Loba umbono, uwucacise ezibhebheni, ukuze ofundayo agijime. Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiwe, kepha ekugcineni uyakukhuluma, ungaqambi amanga; noma lilibala, lilinde; ngoba lizakuza lokufika, kalisoze liphele. Bheka, umphefumulo wakhe oziphakamisile awulungile kuye, kepha olungileyo uyakuphila ngokholo lwakhe.