UGenesise 9:8-17
UGenesise 9:8-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wathi kuNowa nakumadodana akhe ayenaye: “Bhekani, ngenza isivumelwano phakathi kwami nani, nezizukulwane zenu, nakuzo zonke izilwane eziphilayo ezinani: izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni enaphuma nazo emkhunjini. Lesi yisivumelwano sami nani engithi ngaso: angisayukuphinde ngibhubhise yonke into ephilayo ngozamcolo. Akusayukuphinde kube khona uzamcolo ukuba ubhubhise umhlaba.” UNkulunkulu wayesethi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, nazo zonke izizukulwane ezisazozalwa: Uthingo lwenkosazana ngilubeke emafini, ukuze lube wuphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba. Kuyothi lapho ngiwusibekela umhlaba ngamafu, kuvele uthingo lwenkosazana emafini, bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo. Kuyothi njalo uma kuvela uthingo lwenkosazana emafini, ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano saphakade esikhona phakathi kwami nezilwane zonke eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.” UNkulunkulu wayesethi kuNowa: “Lokho kuluphawu lwesivumelwano sami engisenze phakathi kwami nabo bonke abantu emhlabeni.”
UGenesise 9:8-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe kanye naye, wathi: Bheka, ngiyamisa isivumelwano sami nawe nenzalo yakho emva kwakho; nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini, izinyoni, nezinkomo, nezilwane zonke zomhlaba ezikanye nani; kubo bonke abaphuma emkhunjini, kuzo zonke izilwane zomhlaba. Ngiyakuqinisa isivumelwano sami nawe; futhi yonke inyama ayisayikunqunywa ngamanzi kazamcolo; futhi ngeke kusaba khona uzamcolo wokubhubhisa umhlaba. UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuyisibonakaliso sesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izidalwa eziphilayo ezikini kuze kube phakade. Ngibeka uthingo lwami efwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba. Uma ngehlisela ifu phezu komhlaba, uthingo luyobonakala efwini; Ngiyakukhumbula isivumelwano sami esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; futhi amanzi ngeke esaba uzamcolo wokubhubhisa yonke inyama. Uthingo luyakuba sefwini; futhi ngizobheka kuso, ukuze ngicabange ngesivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izidalwa eziphilayo zayo yonke inyama esemhlabeni. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuyisibonakaliso sesivumelwano engasimisa phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.
UGenesise 9:8-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe enaye, wathi: “Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu, nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni. Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.” UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade: ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba. Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini. Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke. Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.” UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenzile phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.”