UGenesise 6:8-22
UGenesise 6:8-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova. Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu. UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete. Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu. UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba. Yakha umkhumbi ngemithi yegofere,* wenze amakamelo emkhunjini, uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.* Yikho lokhu ozakukwenza: ubude bomkhumbi buyakuba yizingalo ezingamakhulu amathathu, ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu. Yenza ifasitele emkhunjini, uligcine ngaphezulu libe yingalo inye, ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu. Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa. Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi. Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile. Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.” UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.
UGenesise 6:8-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni eNkosi. Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu. UNowa wazala amadodana amathathu: uShemi, noHamu, noJafete. Umhlaba wawonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi umhlaba wawugcwele ubudlwangudlwangu. UNkulunkulu wawubheka umhlaba, bheka, wawonakele; ngoba yonke inyama iyonakalisile indlela yayo emhlabeni. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwayo yonke inyama kufikile phambi kobuso bami; ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabo; futhi bheka, ngizobabhubhisa kanye nomhlaba. Zenzele umkhumbi ngokhuni lwegofere; Uyakwenza amakamelo emkhunjini, uwugcobe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi. Nansi indlela okumelwe uwenze ngayo: Ubude bomkhumbi kumelwe bube yizingalo ezingamakhulu amathathu, ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi amahlanu nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu. Wenzela umphongolo ifasitela, uliqedele ngengalo eyodwa phezulu; ubeke iminyango yomphongolo eceleni; ngephansi, isitezi sesibili nesesithathu kufanele ukwenze. Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa. Kodwa ngizamisa isivumelwano sami lawe; uyakungena emkhunjini, wena namadodana akho nomkakho nabafazi bamadodana akho kanye nawe. Kuzo zonke izidalwa eziphilayo kuyo yonke inyama, kumelwe ungenise ezimbili zohlobo ngalunye emkhunjini ukuze uzigcine ziphila kanye nawe; bayoba indoda nomfazi. Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, kuyakuza kuwe okubili kohlobo ngalunye ukuzigcina ziphila. Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, uzibuthele kona; kuyakuba ngukudla kwakho nokwazo. Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo.
UGenesise 6:8-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade. Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu. UNowa wazala amadodana amathathu: uShemu, uHamu, noJafethi. Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova. UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba bonke abantu babeziphethe kabi emhlabeni. UNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukubabhubhisa bonke abantu, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yabo. Bheka, ngizobabhubhisa nomhlaba. Wena zakhele umkhumbi ngezingodo zomgoferi, uwakhe ube namakamelo, uwubhixe ngebhithumeni ngaphakathi nangaphandle. Uzowakha kanje: ubude bawo bube ngamakhubhithi angama-300, ububanzi bube ngamakhubhithi angama-50, kuthi ukuphakama kwawo kube ngamakhubhithi angama-30. Uwufulele, ushiye isikhala esiyikhubhithi eyodwa phakathi kophahla macala wonke. Uwakhe ube namagumbi amathathu, elinye libe phezu kwelinye, kube nomnyango eceleni. Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni. Kepha ngizokwenza nawe isivumelwano, uzongena emkhunjini wena nomkakho namadodana akho nomkawo, bese ungenisa zonke izilwane ngazimbili ngezinhlobo zazo, kube yiduna nensikazi ukuze ziphile nawe. Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile. Zithathele lonke uhlobo lokudla ukulondoloze, ukuze kube ngukudla kwenu nokwazo.” UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.