UGenesise 6:5-9
UGenesise 6:5-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo, wayesezisola uSimakade ukuthi ubadaleleni abantu emhlabeni. Lokho kwamkhathaza enhliziyweni yakhe, wayesethi: “Ngizobashaya ngibaqothule ebusweni bomhlaba abantu engibadalileyo. Abantu nezilwane, izilwane ezihuquzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngikudaleleni.” Nokho uNowa wafumana umusa emehlweni kaSimakade. Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.
UGenesise 6:5-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe. UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.” Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova. Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.
UGenesise 6:5-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo. INkosi yazisola ukuthi yenze umuntu emhlabeni, futhi yadabuka enhliziyweni yakhe. Futhi iNkosi yathi: Umuntu engimdalile ngizomchitha emhlabeni; womuntu kanye nesilwane. Izilwane ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu; ngokuba ngiyazisola ukuthi ngabenza. Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni eNkosi. Lezi ziyizizukulwane zikaNowa: UNowa wayeyindoda elungile, engenasici esizukulwaneni sakhe; uNowa wahamba noNkulunkulu.