UGenesise 6:4-5
UGenesise 6:4-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngalezo zinsuku nasemveni kwazo, kwaba khona iziqhwaga emhlabeni. Amadodana kaNkulunkulu alala namadodakazi abantu, awazalela abantwana. Baba ngamaqhawe asendulo, adumileyo. USimakade wabona ukuthi ububi babantu sebubukhulu emhlabeni nokuthi izizindlo zezinhliziyo zabo zihlala zizimbi njalo
UGenesise 6:4-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo. Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
UGenesise 6:4-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama. UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.