UGenesise 6:17-22
UGenesise 6:17-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bheka, Mina ngizokwehlisa uzamcolo emhlabeni, ubhubhise konke okuphilayo phansi komthunzi welanga, kufe konke okuphefumulayo emhlabeni. Kepha ngizokwenza nawe isivumelwano, uzongena emkhunjini wena nomkakho namadodana akho nomkawo, bese ungenisa zonke izilwane ngazimbili ngezinhlobo zazo, kube yiduna nensikazi ukuze ziphile nawe. Ungenise izinyoni ngezinhlobo zazo, nezilwane ngezinhlobo zazo, nezihuquzelayo ngezinhlobo zazo, konke lokho kungene ngakubili ukuze kuphile. Zithathele lonke uhlobo lokudla ukulondoloze, ukuze kube ngukudla kwenu nokwazo.” UNowa wakwenza konke lokho uNkulunkulu ayemyale ukuba akwenze.
UGenesise 6:17-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa. Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe. Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi. Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile. Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.” UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.
UGenesise 6:17-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, ngiletha uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; nakho konke okusemhlabeni kuyakufa. Kodwa ngizamisa isivumelwano sami lawe; uyakungena emkhunjini, wena namadodana akho nomkakho nabafazi bamadodana akho kanye nawe. Kuzo zonke izidalwa eziphilayo kuyo yonke inyama, kumelwe ungenise ezimbili zohlobo ngalunye emkhunjini ukuze uzigcine ziphila kanye nawe; bayoba indoda nomfazi. Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo, kuyakuza kuwe okubili kohlobo ngalunye ukuzigcina ziphila. Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, uzibuthele kona; kuyakuba ngukudla kwakho nokwazo. Wenza ke uNowa; njengakho konke uNkulunkulu amyale ngakho, wenze njalo.