UGenesise 50:22-26
UGenesise 50:22-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJosefa wahlala eGibhithe nabo bonke abendlu kayise. Waphila waze waba neminyaka eyi-110, waze wabona ngisho isizukulwane sesithathu sabantwana baka-Efrayimi; nabantwana bakaMakhiri indodana kaManase, wabagona ethangeni lakhe besanda kuzalwa. UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.” UJosefa wawafungisa amadodana ka-Israyeli, wathi: “UNkulunkulu uzakunihambela impela, anowakhuphula amathambo ami kule ndawo.” UJosefa wafa eseqede iminyaka eyi-110, abantu bamgqumisa ngemithi, wayesefakwa ebhokisini lomngcwabo eGibhithe.
UGenesise 50:22-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa wahamba iminyaka eyikhulu neshumi. UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa. Wayesethi uJosefa kubafowabo: “Mina sengiyafa, kepha uNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, anikhuphule kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.” UJosefa wayesefungisa amadodana ka-Israyeli, ethi: “UNkulunkulu uzakunihambela nokunihambela, nina nikhuphule amathambo ami lapha.” Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.
UGenesise 50:22-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJosefa wahlala eGibithe, yena nendlu kayise; uJosefa waphila iminyaka eyikhulu neshumi. UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMagiri, indodana kaManase, bakhuliselwa emadolweni kaJosefa. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sengiyafa, uNkulunkulu uyakuninakekela nokuninakekela, anikhiphe kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. UJosefa wasefungisa abantwana bakoIsrayeli, wathi: UNkulunkulu uzalilalela lokulilalela, njalo lizakhupha amathambo ami lapho. UJosefa wafa, eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.