UGenesise 50:17-20
UGenesise 50:17-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
‘Anotshela uJosefa ukuthi: ngiyakuncenga ukuba uxolele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba benza okubi kuwe.’ Manje siyakunxusa ukuba uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” Kwathi ukuba lowo myalezo ufike kuJosefa, wakhala. Abafowabo bafika kuye mathupha, bazilahla phansi phambi kwakhe, bathi: “Siyizinceku zakho.” UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na? Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.
UGenesise 50:17-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye. Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.” UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi.
UGenesise 50:17-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho anothi kuJosefa: Thethelela isiphambeko sabafowenu nesono sabo; ngoba bonile; usithethelele manje isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala lapho bekhuluma kuye. Nabafowabo bahamba, bawa phansi phambi kwakhe; futhi bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.” UJosefa wathi kubo: “Ningesabi, ngokuba mina ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?” Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila.