UGenesise 50:14-21
UGenesise 50:14-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJosefa wangcwaba uyise, qede wabuyela eGibhithe, nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukuyongcwaba uyise. Kuthe ukuba abafowabo bakaJosefa babone ukuthi uyise usefile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa usasibambele igqubu, funa azame ukuziphindiselela kithi ngabo bonke ububi esabenza kuye.” Base bethumela kuJosefa, bathi: “Uyihlo washiya umyalelo engakafi, wathi: ‘Anotshela uJosefa ukuthi: ngiyakuncenga ukuba uxolele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba benza okubi kuwe.’ Manje siyakunxusa ukuba uxolele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” Kwathi ukuba lowo myalezo ufike kuJosefa, wakhala. Abafowabo bafika kuye mathupha, bazilahla phansi phambi kwakhe, bathi: “Siyizinceku zakho.” UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na? Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu. Ngakho-ke ningesabi, ngizoninakekela nina nabantwana benu.” Wabaduduza ngokukhuluma nabo kanjalo.
UGenesise 50:14-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJosefa wayesebuyela eGibithe, yena nabafowabo, nabo bonke ababekhuphuke naye ukummbela uyise, emva kokungcwaba kwakhe uyise. Sebebonile abafowabo bakaJosefa ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uzakusizonda, asiphindisele nokusiphindisela konke okubi esakwenza kuyena.” Base bethumela kuJosefa, bethi: “Uyihlo wayala engakafi, wathi: ‘Niyakusho kuJosefa ukuthi: Ake uthethelele abafowenu isiphambeko sabo nesono sabo, ngokuba bakwenzela okubi.’ Manje siyakucela ukuthi: Ake uthethelele isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo.” UJosefa wakhala, besakhuluma kuye. Base befika nabafowabo, bawa phansi ebusweni bakhe, bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.” UJosefa wayesethi kubo: “Ningesabi; kanti ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na? Yebo, nina nangisongozela okubi, kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba akwenze kube njenganamuhla, asindise abantu abaningi. Ngalokho ningesabi; mina ngiyakunondla, nina nezingane zenu.” Wabaduduza, wakhuluma kuzo izinhliziyo zabo.
UGenesise 50:14-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJosefa wabuyela eGibithe, yena nabafowabo, nabo bonke abakhuphuka naye ukuyombela uyise, ngemva kokungcwaba uyise. Abafowabo bakaJosefa sebebonile ukuthi uyise ufile, bathi: “Mhlawumbe uJosefa uyakusizonda, aphindisele kithi ngakho konke okubi esikwenzile kuye.” Basebethuma isithunywa kuJosefa ukuthi: Uyihlo walaya engakafi wathi: Ngakho anothi kuJosefa: Thethelela isiphambeko sabafowenu nesono sabo; ngoba bonile; usithethelele manje isiphambeko sezinceku zikaNkulunkulu kayihlo. UJosefa wakhala lapho bekhuluma kuye. Nabafowabo bahamba, bawa phansi phambi kwakhe; futhi bathi: “Bheka, siyizinceku zakho.” UJosefa wathi kubo: “Ningesabi, ngokuba mina ngisesikhundleni sikaNkulunkulu na?” Kepha nina, nangicambela okubi; kepha uNkulunkulu wakuceba kwaba kuhle ukuba kwenziwe, njenganamuhla, ukugcina abantu abaningi bephila. Ningesabi manje; ngiyakunondla nina nabancane benu. Wabaduduza, wakhuluma kubo ngomusa.