UGenesise 45:1-8
UGenesise 45:1-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJosefa wayengasakwazi ukuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala, wathi: “Khiphani bonke abanye abalapha phambi kwami.” Kwakungasekho muntu ngesikhathi uJosefa eziveza kubafowabo. Wakhala kakhulu baze bezwa nabaseGibhithe, leso sililo saze safinyelela nasendlini kaFaro. UJosefa wathi kubafowabo: “NginguJosefa. Ubaba usaphila na?” Abafowabo abakwazanga ukumphendula, ngoba babethuke kakhulu. UJosefa wathi kubafowabo: “Sondelani kimi.” Basondela, wayesethi kubo: “NginguJosefa umfowenu, enathengisa ngaye eGibhithe. Manje ningabe nisakhathazeka, futhi ningazisoli ngokuthi nangidayisa, ngokuba nguNkulunkulu owangithumela ukuba nginandulele ukuze ngilonde impilo. Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa. UNkulunkulu wangithuma ukunandulela ukuze nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe, kukhululwe abaningi. Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.
UGenesise 45:1-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo. Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa. Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe. Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo. Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo. UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu. “Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.
UGenesise 45:1-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJosefa wayengenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi ngakuye; wamemeza wathi: “Yilowo nalowo makasuke kimi.” futhi kwakungekho muntu owama ngakuye lapho uJosefa ezazisa kubafowabo. Wakhala ngezwi elikhulu, abaseGibithe nendlu kaFaro bakuzwa. Wayesethi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usaphila nabafowabo behluleka ukumphendula; ngoba babetshaywa luvalo phambi kobuso bakhe. UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sondelani kimi.” Base besondela. Wathi: “Ngingumfowenu uJosefa enathengisa ngaye eGibithe.” Manje ningabi lusizi, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza ukuphila. Kule minyaka emibili kwakukhona indlala ezweni, futhi kuseneminyaka emihlanu okungayikuvuna ngayo noma kuvunwe. UNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukuba nginigcinele inzalo emhlabeni, ngisindise ukuphila kwenu ngokukhululwa okukhulu. Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.