UGenesise 4:23-24
UGenesise 4:23-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ULameki wathi komkakhe: “We Ada noZila, ake ningilalele! Bafazi bakaLameki, yizwani engikushoyo! Ngibulale umuntu ngoba engilimazile, nensizwa ngokungishaya kwayo. Uma uKhayini eyophindiselwa kasikhombisa, uLameki uyophindiselelwa kamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.”
UGenesise 4:23-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ULameka wathi kubo abafazi bakhe: “Ada noSila, yizwani izwi lami; nina bafazi bakaLameka, lalelani ukusho kwami: Bhekani, ngibulala umuntu ngenxeba engilitholayo, nensizwa ngomvimbo engiwuzwiswayo. Yebo, uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa, kepha uLameka kamashumi ayisikhombisa, aphindwe kasikhombisa.”
UGenesise 4:23-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
ULameka wasesithi kubafazi bakhe: UAda loSila, Zwanini ilizwi lami! Madodakazi akwaLameka, lalelani izwi lami, ngoba ngibulale indoda ngenxeba lami nensizwa ngokulimala kwami. Uma uKayini eyakuphindiselwa kasikhombisa, uLameka kamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.