UGenesise 39:21-23
UGenesise 39:21-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamhawukela, wamnika umusa emehlweni omlindi wetilongo. Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; futhi noma yini ababeyenza lapho, wayeyenza. Umlindi wetilongo akabhekanga lutho olusesandleni sakhe; ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo, uJehova wakuphumelelisa.
UGenesise 39:21-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele. Umphathijele wambeka uJosefa waba yinduna yabo bonke ayevalelwe nabo, kubuzwa kuye konke okwakwenzeka lapho. Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.
UGenesise 39:21-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo. Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza. Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.