UGenesise 39:1-6
UGenesise 39:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJosefa bamthatha baya naye eGibhithe, uPotifari, esinye sezikhulu zikaFaro, umphathi wabaqaphi, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli ababefike naye. USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo, ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho. Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini. Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle.
UGenesise 39:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona. UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe. Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini. Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza.
UGenesise 39:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona. UJehova wayenaye uJosefa, waba yindoda enenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe umGibhithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye, nokuthi uJehova wakuphumelelisa konke akwenzayo esandleni sakhe. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe. Kusukela esikhathini eyambeka ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wayibusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasiphezu kwakho konke okwayo endlini nasensimini. Wakushiya konke okwakho esandleni sikaJosefa; futhi wayengazi ukuthi ayoba nasiphi ngaphandle kwesinkwa ayesidlile. Futhi uJosefa wayeyindoda ebukekayo futhi ethandekayo.