UGenesise 39:1-23
UGenesise 39:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJosefa bamthatha baya naye eGibhithe, uPotifari, esinye sezikhulu zikaFaro, umphathi wabaqaphi, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli ababefike naye. USimakade wayenaye uJosefa, wamphumelelisa kukho konke. UJosefa wahlala endlini yenkosi yakhe yaseGibhithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uNkulunkulu unaye, nokuthi uNkulunkulu uyakuphumelelisa konke akwenzayo, ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho. Kusukela ngaleso sikhathi eyambeka ngaso, waba ngumphathi wendlu yayo, nakho konke eyayinakho; uSimakade wawubusisa umuzi walowo mGibhithe, nakho konke ayenakho. Isibusiso sikaSimakade sasiphezu kwakho konke uPotifari ayenakho endlini nasemasimini. Ngakho-ke uPotifari wakubeka konke ayenakho esandleni sikaJosefa, akabe esazihlupha ngalutho, ngaphandle kokudla okwakufanele akudle. UJosefa wayeyigeza, enesiqu, ebukeka kahle. Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.” Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami. Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?” Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye. Langa limbe lapho uJosefa engena endlini ezosebenza, kungekho muntu omunye endlini, umkaPotifari wamdumela, wabamba ingubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kodwa uJosefa waphulukundlela, washiya isembatho sakhe ezandleni zakhe, wabaleka, waphumela phandle. Kwathi ukuba abone ukuthi ushiye ingubo esandleni sakhe, wabaleka, wamemeza abendlu yakhe, wathi: “Ake nibheke, umyeni wami usilethele lo mHebheru ukuba azohlekisa ngathi. Uze kimi, wafuna ukulala nami, ngamemeza kakhulu; unele wezwa ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe eduze kwami, wabaleka, waphumela phandle.” Wayigcina leyo ngubo eduze kwakhe, waze wabuya umyeni wakhe. Wamtshela le ndaba, wathi: “Le nceku yomHebheru owasilethela yona, ize kimi ifuna ukulala nami; kuthe ukuba ngiphakamise izwi ngimemeza, yashiya ingubo yayo eduze kwami, yabaleka, yaphumela phandle.” Esewezwile amazwi akhulunywe ngumkakhe, ethi: “Ingiphathe kanjalo inceku yakho,” wathukuthela wagana unwabu. Umphathi wamthatha uJosefa, wamgquma ejele, lapho kwakuvalelwa khona iziboshwa zenkosi. USimakade wayenaye uJosefa, wamenzela umusa, waba nogazi kumphathijele. Umphathijele wambeka uJosefa waba yinduna yabo bonke ayevalelwe nabo, kubuzwa kuye konke okwakwenzeka lapho. Umphathijele akabange esazikhathaza ngalutho, ngokuba konke kwakusesandleni sikaJosefa, futhi uSimakade wayemphumelelisa kukho konke akwenzayo.

UGenesise 39:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari inceku kaFaro, induna yemilindankosi, owaseGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona. UJehova wayenaye uJosefa, waba ngumuntu onenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe yaseGibithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye nokuthi konke akwenzayo uJehova wakuphumelelisa esandleni sakhe. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe. Kusukela kuleso sikhathi embeke ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wabusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasikukho konke okwayo endlini nasensimini. Yashiya konke okwayo esandleni sikaJosefa; yayingazi lutho olwayo, ukudla eyakudlayo kuphela. UJosefa wayengumgembeleza, eyigeza. Kwathi emva kwalezo zinto umkankosi yakhe waphonsa amehlo kuJosefa, wathi: “Lala nami.” Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi enginakho endlini, inikele konke okwayo esandleni sami; ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?” Kwathi esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye, nokuba abe naye. Kwathi ngosuku lumbe engena endlini ukuyokwenza imisebenzi yakhe, kungekho lapho phakathi noyedwa owendlu, wambamba ngengubo yakhe, wathi: “Lala nami,” kepha washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wagijimela phandle. Kwathi esebone ukuthi ushiyile ingubo esandleni sakhe, wabaleka, wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu; wathi ezwa ukuthi ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wagijimela phandle.” Wayesebeka le ngubo kuye, yaze yafika ekhaya inkosi yakhe. Wakhuluma kuyo wona lawa mazwi, wathi: “Le nceku engumHeberu, osilethele yona, ize kimi ukuba idlale ngami; kwathi ukuba ngiphakamise izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo kimi, yabalekela phandle.” Yathi inkosi yakhe isizwe amazwi omkayo ayewakhulume kuyo, ethi: “Yenze njalo kimi inceku yakho,” lwavutha ulaka lwayo. Inkosi kaJosefa yamthatha, yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwa khona; waba khona etilongweni. Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo. Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; konke ezazikwenza khona nguyena owayekwenza. Umlindi wetilongo akabanga esabheka lutho olusesandleni sakhe, ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo uJehova wakuphumelelisa.
UGenesise 39:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona. UJehova wayenaye uJosefa, waba yindoda enenhlanhla; wayesendlini yenkosi yakhe umGibhithe. Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye, nokuthi uJehova wakuphumelelisa konke akwenzayo esandleni sakhe. UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe. Kusukela esikhathini eyambeka ngaso ukuba abe yinduna phezu kwendlu yayo naphezu kwakho konke okwayo, uJehova wayibusisa indlu yowaseGibithe ngenxa kaJosefa; isibusiso sikaJehova sasiphezu kwakho konke okwayo endlini nasensimini. Wakushiya konke okwakho esandleni sikaJosefa; futhi wayengazi ukuthi ayoba nasiphi ngaphandle kwesinkwa ayesidlile. Futhi uJosefa wayeyindoda ebukekayo futhi ethandekayo. Emva kwalokho umkankosi yakhe wabheka uJosefa; wathi: Lala lami. Kepha wala, wathi kumkankosi yakhe: “Bheka, inkosi yami ayikwazi okukimi endlini, futhi inginike konke enakho; akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na? Esakhuluma kuJosefa izinsuku ngezinsuku, akamlalelanga ukuba alale naye nokuba abe naye. Ngaleso sikhathi uJosefa wangena endlini ukwenza umsebenzi wakhe; kwakungekho phakathi kwamadoda endlu. Wambamba ngengubo yakhe, wathi: “Lala nami;” washiya ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka, wamkhiphela phandle. Kwathi lapho ebona ukuthi ushiye ingubo yakhe esandleni sakhe, wabaleka; wabiza abantu bendlu yakhe, wakhuluma kubo, wathi: “Bhekani, usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; wangena kimi ukuba alale nami, futhi ngamemeza ngezwi elikhulu. Esezwile ukuthi ngiphakamise izwi lami ngikhala, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka, wayikhiphela phandle. Wabeka ingubo yakhe kuye, yaze yafika inkosi yakhe ekhaya. Wasekhuluma kuye njengalamazwi wathi: Inceku engumHebheru osilethele yona ingene ukuzodlala ngami. Kwathi ngisaphakamisa izwi lami ngikhala, washiya ingubo yakhe kimi, wabaleka. Kwathi inkosi yakhe isizwile amazwi omkayo eyawakhuluma kuyo, yathi: “Yenze njalo kimi incekukazi yakho; ukuthi ulaka lwakhe lwavutha. Inkosi kaJosefa yamthatha yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwe khona; wayelapho etilongweni. Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamhawukela, wamnika umusa emehlweni omlindi wetilongo. Umlindi wetilongo wanikela esandleni sikaJosefa zonke iziboshwa ezazisetilongweni; futhi noma yini ababeyenza lapho, wayeyenza. Umlindi wetilongo akabhekanga lutho olusesandleni sakhe; ngokuba uJehova wayenaye, nalokho akwenzayo, uJehova wakuphumelelisa.