UGenesise 37:3-10
UGenesise 37:3-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide. Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula. UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.” Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe. Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.” Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?”
UGenesise 37:3-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
U-Israyeli wayemthanda uJosefa kunawo wonke amadodana akhe, kwazise wayemthole esemdala. Wamthungela ingubo enemikhono emide. Abafowabo bakubona ukuthi uyise umthanda kunabo bonke abafowabo, ngakho-ke bamzonda, futhi ababe besakwazi ukukhuluma kahle naye. UJosefa waphupha iphupho, wayeselitshela abafowabo, okuthe bangalizwa bamzonda ngokwedlulele. Wathi kubo: “Ake nizwe iphupho engiliphuphileyo. Besibopha izinyanda ensimini, kwathi inyanda yami yaphakama yema, ezenu zase ziyizungeza, zayikhothamela.” Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe. UJosefa wabuye waphupha, wabalandisa futhi abafowabo, wathi: “Ngiphuphe ngibona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi eziyi-11 kungikhothamela.” Wamlandisa noyise njengoba enze kubafowabo, kodwa uyise wamthethisa, wathi kuye: “Phupho lini leli oliphuphileyo na? Usho ukuthi unyoko nami nabafowenu siyokuza sikukhothamele na?”
UGenesise 37:3-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
U-Israyeli wamthanda uJosefa ngaphezu kwabo bonke abantwana bakhe, ngokuba wayeyindodana yobudala bakhe; wamenzela ingubo enemibala eminingi. Lapho abafowabo bebona ukuthi uyise wayemthanda ngaphezu kwabo bonke abafowabo, bamzonda futhi babengakwazi ukukhuluma naye ngokuthula. UJosefa waphupha iphupho, walitshela abafowabo, basebemzonda kakhulu. Wathi kubo: “Zwanini leliphupho engiliphuphileyo.” Ngokuba bheka, besibopha izithungu ensimini, bheka, isithungu sami savuka, saqonda; bheka, izithungu zenu zema nxazonke, zakhothama phambi kwesithungu sami. Abafowabo bathi kuye: “Impela uyakusibusa na?” noma uzosibusa ngempela na? Basebemzonda kakhulu ngenxa yamaphupho akhe langenxa yamazwi akhe. Waphupha elinye iphupho, walitshela abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe elinye iphupho; bheka, ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kukhothama phambi kwami. Wasebalandisa uyise labafowabo; uyise wamkhuza wathi kuye: Liphupho lini leli oliphuphileyo? Ingabe mina nonyoko kanye nabafowenu sizofika ngempela ukuze sikhothame phambi kwakho emhlabeni?