UGenesise 31:22-42

UGenesise 31:22-42 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngosuku lwesithathu uLabani wabikelwa ukuthi uJakobe ubalekile. Wayesethatha izihlobo zakhe wamlandela izinsuku eziyisikhombisa, waze wamfica kwelezintaba kwaGileyadi. Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.” ULabani wamfica uJakobe. UJakobe wayegxumeke ithende lakhe kwelezintaba, naye-ke uLabani nezihlobo zakhe bagoba amadlangala khona kwelezintaba kwaGileyadi. ULabani wathi kuJakobe: “Yini le nto oyenzileyo na? Ungikhohlisile, wathatha amadodakazi ami ngokungathi athunjwe ngenkemba. Ubalekeleni isinyelela wangangitshela, ngoba ngabe ngikuhambise kahle ngomgidi kuhutshwa, kushaywa ukhehlegume nezigubhu? Awunginikanga ngani ithuba lokwanga abazukulu bami namadodakazi ami, ngibavalelise na? Okwenzileyo kungubuphukuphuku. Kusemandleni ami ukuba ngikulimaze, kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume nami ebusuku bayizolo, wathi: ‘Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.’ Noma ngabe weqe ngoba usukhumbule ekhaya kini, pho kungani untshontshe onkulunkulu bami na?” UJakobe waphendula uLabani wathi: “Yingoba bengesaba, ngicabanga ukuthi uzongephuca amadodakazi akho ngendluzula. Kepha-ke lowo muntu okuyotholakala kuye onkulunkulu bakho, akanakuphila. Phambi kwezihlobo zethu khomba ezintweni enginazo ukuthi yini engeyakho bese uyayithatha.” UJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayentshontshe onkulunkulu. ULabani wangena ethendeni likaJakobe, kwelikaLeya, wedlulela nakwawezancinza zombili, kodwa akatholanga lutho. Waphuma ethendeni likaLeya wangena kwelikaRaheli. URaheli wabathatha onkulunkulu bakayise, wabafaka esihlalweni sekameli, wahlala phezu kwaso. ULabani walipeketula lonke ithende, kodwa akabatholanga. URaheli wathi kuyise: “Ungangithukutheleli ngokuba ngingazange ngisukume phambi kwakho, yingoba ngisesikhathini.” ULabani wacinga, kodwa akabatholanga onkulunkulu. UJakobe wathukuthela wamthethisa uLabani, wathi: “Liyini icala lami na? Siyini isono sami uze ungihubhe ngale ndlela na? Njengalokhu usupeketule yonke impahla yami nje, utholeni-ke olungolwakho na? Lubeke lapha phambi kwezihlobo zethu, zona zehlulele phakathi kwethu. Le minyaka engama-20 ngihleli nawe, izimvukazi nezimbuzikazi zakho azikaze ziphunze, futhi angikaze ngidle nqama yomhlambi wakho. Angikaze ngilethe kuwe edweshulwe yizilo zasendle. Uma kwenzekile yafa bengiyaye ngilithwale mina lelo cala. Ubukufuna kimi okwebiwe emhlanjini wakho, noma kwebiwe emini noma ebusuku. Ngangishiswa yilanga emini, ngilala obenyoni ebusuku, ngiqhuqhwa ngamakhaza, ngikusebenzele le minyaka engama-20, eyi-14 yayo ngisebenzela amadodakazi akho omabili, kwathi eyisithupha ngasebenzela imfuyo. Phezu kwalokho waliguqula kalishumi iholo lami. Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”

UGenesise 31:22-42 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile. Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi. UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.” ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi. ULabani wathi kuJakobe: “Wenzeni, lokhu unginyenyele, wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na? Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu,* na? Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho. Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’ Manje njengokuba usumuka impela, lokhu ulangazelela nokulangazelela indlu kayihlo, webeleni izithixo zami na?” UJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Ngokuba ngesaba ngithi: Funa ungiqhwage amadodakazi akho. Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe.” Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile. ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli. URaheli wayezithathe izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga. Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo. UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na? Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili. “Le minyaka engamashumi amabili bengihlezi kuwe; izimvukazi zakho nezimbuzikazi zakho aziphunzanga; izinqama zomhlambi wakho angizidlanga. Ezidweshulwe yizilo ngangingaziyisi kuwe; kwalahlekelwa mina; wazibiza esandleni sami, noma zebiwe emini noma zebiwe ebusuku. Nganginjalo; emini ngaqedwa ngukushisa, ebusuku ngamakhaza; ubuthongo bami babalekela amehlo ami. Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi. Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”

UGenesise 31:22-42 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile. Wathatha abafowabo, bamxosha ibanga lezinsuku eziyisikhombisa; bamfica ezintabeni zakwaGileyadi. UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.” ULabani wamfica uJakobe. UJakobe wamisa itende lakhe entabeni, uLabani nabafowabo bamisa entabeni yaseGileyadi. ULabani wasesithi kuJakobe: Wenzeni ukuthi ungebele ngokungazi, wathumba amadodakazi ami ekuthunjweni ngenkemba? Ubalekeleni ngasese wangeba; awushongo kimi ukuthi bengiyakumukisa ngentokozo, nangezihlabelelo, nangetamale, nangehange? Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami na? wenze into ewubuwula nje. Kusemandleni esandla sami ukukulimaza; kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume kimi izolo ebusuku, wathi: Ziqaphele, ungakhulumi okuhle kumbe okubi kuJakobe. Manje, noma wawufuna ukuhamba, ngokuba wawulangazelela indlu kayihlo, webeleni onkulunkulu bami na? UJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Ngokuba ngesaba, ngokuba ngathi: Mhlawumbe uyakungiphuca amadodakazi akho.” Lowo othola kuye onkulunkulu bakho, ungamvumeli aphile. Ngoba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile. ULabani wangena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya nasematendeni ezincekukazi ezimbili; kodwa kabatholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli. URaheli wathatha izithombe, wazifaka empahleni wekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphenya itende lonke, akalitholanga. Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi ngingenakusukuma phambi kwakho; ngoba umkhuba wabesifazane uphezu kwami. Wacinga, kepha akazitholanga izithombe. UJakobe wathukuthela, wamhlupha uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Siyini isiphambeko sami na?” isono sami siyini ukuba ungizingele kangaka na? Lapho usuhlolisisile zonke izinto zami, utholeni kuzo zonke izimpahla zendlu yakho? yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu, ukuze bahlulele phakathi kwethu sobabili. Le minyaka engamashumi amabili benginawe; izimvukazi zakho nezimbuzi zakho aziphunzanga, nezinqama zomhlambi wakho angizidlanga. Okudwengulwe ezilwaneni angikulethanga; ngikuthwalele ukulahlekelwa yikho; Wayibiza esandleni sami, noma yebiwe emini noma ebusuku. Nganginjalo; ukoma kwangidla emini nesithwathwa ebusuku; ubuthongo bami basuka emehlweni ami. Ngibe neminyaka engamashumi amabili endlini yakho; Ngakukhonza iminyaka eyishumi nane ngenxa yamadodakazi akho amabili neminyaka eyisithupha ngenxa yezinkomo zakho; futhi uwuguqule iholo lami izikhathi eziyishumi. Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.