UGenesise 3:4-6
UGenesise 3:4-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha inyoka yathi kowesifazane: “Ngeke nife neze. Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.” Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.
UGenesise 3:4-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.
UGenesise 3:4-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa.” Ngoba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla lisidla, amehlo enu azavuleka, njalo lizakuba njengonkulunkulu, likwazi okuhle lokubi. Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.