UGenesise 3:15-19
UGenesise 3:15-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.” Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.” Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho. Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo. Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”
UGenesise 3:15-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”
UGenesise 3:15-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo. Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa. Wathi ku-Adamu: “Ngokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kuwo umuthi engakuyala ngawo, ngathi: Ungadli kuwo; uqalekisiwe umhlaba; uyakudla kuwo ngosizi zonke izinsuku zokuhamba kwakho; Iyakukuvezela ameva namakhakhasi; uyakudla izitshalo zasendle; Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.