UGenesise 3:14-15
UGenesise 3:14-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba wenze lokhu, usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo, nezilwane zonke zasendle. Uyohuquzela ngesisu, udle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwakho. Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”
UGenesise 3:14-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”
UGenesise 3:14-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe ngaphezu kwezinkomo zonke naphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uyakuhamba emlonyeni wakho, udle uthuli zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.