UGenesise 3:1-4
UGenesise 3:1-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ” Waphendula owesifazane wathi: “Uthe singazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa uNkulunkulu wathi: ‘Ningasidli isithelo somuthi omile phakathi nensimu, futhi ningasithinti ngoba niyokufa nokufa.’ ” Kepha inyoka yathi kowesifazane: “Ngeke nife neze.
UGenesise 3:1-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?” Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ” Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa
UGenesise 3:1-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu? Owesifazana wasesithi enyokeni: Singazidla izithelo zemithi yensimu. Kepha isithelo somuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu wathi: Ningasidli, ningathinti, funa nife. Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa.”