UGenesise 3:1-24

UGenesise 3:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ” Waphendula owesifazane wathi: “Uthe singazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa uNkulunkulu wathi: ‘Ningasidli isithelo somuthi omile phakathi nensimu, futhi ningasithinti ngoba niyokufa nokufa.’ ” Kepha inyoka yathi kowesifazane: “Ngeke nife neze. Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.” Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla. Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo. Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi. USimakade uNkulunkulu wammemeza umuntu wathi: “Ukuphi na?” Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.” Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?” Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.” USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?” Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.” USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba wenze lokhu, usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo, nezilwane zonke zasendle. Uyohuquzela ngesisu, udle uthuli izinsuku zonke zokuphila kwakho. Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.” Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.” Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho. Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo. Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.” Indoda yamqamba umkayo ngokuthi ngu-Eva, ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo. USimakade uNkulunkulu wenzela indoda nomkayo iziphuku, wabembathisa. USimakade uNkulunkulu wathi: “Bhekani, umuntu usefana nathi, useyakwazi okuhle nokubi. Akanqandwe ukuba angalokothi adle isithelo somuthi wokuphila, bese ephila ingunaphakade.” USimakade uNkulunkulu wayesemxosha umuntu ensimini yase-Edeni, wamkhipha ukuba ayolima umhlabathi ayebunjwe ngawo. Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.

UGenesise 3:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?” Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ” Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla. Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco. Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu. Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?” Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.” Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?” U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.” UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.” U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva,* ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo. UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa. UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo. Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.

UGenesise 3:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yasisithi kowesifazana: Yebo, uNkulunkulu wathi: Lingadli kuyo yonke imithi yensimu? Owesifazana wasesithi enyokeni: Singazidla izithelo zemithi yensimu. Kepha isithelo somuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu wathi: Ningasidli, ningathinti, funa nife. Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa.” Ngoba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla lisidla, amehlo enu azavuleka, njalo lizakuba njengonkulunkulu, likwazi okuhle lokubi. Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla. Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; basebethunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izigqoko. Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu. INkosi uNkulunkulu yasibiza indoda, yathi kuye: Ungaphi? U-Adamu wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba, ngokuba nginqunu; ngase ngicasha. Wathi: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na?” Udlile yini emthini engakuyala ngawo ukuba ungadli kuwo na? Wayesethi umuntu: “Owesifazane onginike yena ukuba abe nami, nguyena owangipha emthini, ngadla; INkosi uNkulunkulu yathi kowesifazane: “Kuyini lokhu okwenzileyo?” Wathi owesifazane: Inyoka ingikhohlisile, ngadla. UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Ngokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe ngaphezu kwezinkomo zonke naphezu kwazo zonke izilwane zasendle; uyakuhamba emlonyeni wakho, udle uthuli zonke izinsuku zokuhamba kwakho. Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo. Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa. Wathi ku-Adamu: “Ngokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kuwo umuthi engakuyala ngawo, ngathi: Ungadli kuwo; uqalekisiwe umhlaba; uyakudla kuwo ngosizi zonke izinsuku zokuhamba kwakho; Iyakukuvezela ameva namakhakhasi; uyakudla izitshalo zasendle; Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini. U-Adamu waqamba umkakhe ngokuthi u-Eva; ngoba wayengunina wabo bonke abaphilayo. UJehova uNkulunkulu wenzela u-Adamu nomkakhe izindwangu zesikhumba, wabembathisa. INkosi uNkulunkulu yathi: Bheka, umuntu usenjengomunye wethu ukwazi okuhle nokubi; futhi manje njengoba engaseluli isandla sakhe futhi futhi athathe emthini wokuphila adle futhi aphile kuze kube phakade. Ngakho uJehova uNkulunkulu wamkhipha ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo. Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.