UGenesise 29:1-14

UGenesise 29:1-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesesuka uJakobe, waya ezweni labantu basempumalanga. Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu. Kwabuthelwa khona imihlambi yonke, balisusa itshe emlonyeni womthombo, baphuzisa izimvu, balibuyisela itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo. UJakobe wathi kubo: “Bazalwane, nivelaphi na?” Bathi: “SingabakwaHarana.” Wayesethi kubo: “Niyamazi uLabani indodana kaNahori na?” Bathi: “Siyamazi.” Wathi kubo: “Usahlezi kahle na?” Bathi: “Uhlezi kahle. Nangu uRaheli indodakazi yakhe; uyeza nezimvu.” Wathi: “Bheka, kusesemini kakhulu, akusiso isikhathi sokuba zibuthwe izinkomo; phuzisani izimvu, nihambe niziklabise.” Base bethi: “Singekwenze lokho ingakabuthani imihlambi yonke, balisuse itshe emlonyeni womthombo; yikhona siyakuphuzisa izimvu.” Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezalusa. Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani uninalume nezimvu zikaLabani uninalume, uJakobe wasondela, wasusa itshe emlonyeni womthombo, waziphuzisa izimvu zikaLabani uninalume. UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala. UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima, watshela uyise. Kwathi uLabani esezwe indaba kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukuyomhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe; wayesetshela uLabani zonke lezi zinto. ULabani wathi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala kuye inyanga yonke.

UGenesise 29:1-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJakobe waqhubeka nohambo lwakhe, waze wayofika ezweni labantu basempumalanga. Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu. Kwakuthi lapho imihlambi isihlangene, abelusi bagingqe itshe emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, bese belibuyisela endaweni yalo, bagibekele ngalo umlomo womthombo. UJakobe wabuza abelusi wathi: “Bafowethu, niliqhamukisaphi na?” Bamphendula bathi: “EHarana.” Wathi kubo: “Niyamazi yini uLabani indodana kaNahori na?” Bathi: “Siyamazi.” Wayesethi kubo: “Ngabe usaphila yini na?” Bathi: “Yebo, usaphila. Nansi indodakazi yakhe uRaheli iza nezimvu.” Wathi kubo: “Ilanga lisaphakeme. Akukabi yisikhathi sokubuyisa imihlambi, phuzisani izimvu bese niyahamba niyoziklabisa edlelweni.” Bathi: “Asikwazi ukwenza lokho, ize imihlambi iphelele yonke, kugingqwe itshe emlonyeni womthombo, bese siyaziphuzisa izimvu.” Esakhuluma nabo uJakobe, kwafika uRaheli nezimvu zikayise, ngokuba nguyena owayezelusa. Kuthe lapho uJakobe embona uRaheli, indodakazi kaLabani, umzala wakhe, nezimvu zikaLabani umalume wakhe, uJakobe wasondela, wagingqa itshe elisusa emlonyeni womthombo, waphuzisa izimvu zikaLabani umalume wakhe. UJakobe wamanga uRaheli, wayesedazuluka ekhala kakhulu ngenxa yokujabula. UJakobe wayesemtshela uRaheli ukuthi uhlobene noyise, ngokuba uyindodana kaRibheka. URaheli wagijima wayobikela uyise. Lapho uLabani ezwa udaba ngomshana wakhe uJakobe, wagijima wayomhlangabeza, wamgona, wamanga, wabuyela naye emzini wakhe. UJakobe wamlandisa uLabani zonke lezo zinto. ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” UJakobe wahlala naye inyanga yonke.

UGenesise 29:1-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

UJakobe wayesehamba ngohambo lwakhe, wafika ezweni labantu basempumalanga. Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo. Kwabuthana khona yonke imihlambi, bagingqe itshe lisuke emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, balibuyisele itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo. UJakobe wathi kubo: “Bafowethu, nivelaphi na?” Futhi bathi: Sivela eHarana. Wathi kubo: “Niyamazi uLabani indodana kaNahori na?” Bathi: “Siyamazi.” Wathi kubo: “Usaphilile na?” Base bethi: “Uyaphila; bheka, uRaheli indodakazi yakhe uyeza nezimvu.” Futhi wathi: Bheka, kusesemini, futhi akukabi yisikhathi sokuba kuqoqwe izinkomo; phuzisa izimvu, uziluse. Bathi: “Asinakukwazi, ingakabuthwa yonke imihlambi, baze bagingqe itshe lisuke emlonyeni womthombo; bese siphuzisa izimvu. Esakhuluma nabo, uRaheli wafika nezimvu zikayise, ngokuba wayezelusa. Kwathi uJakobe ebona uRaheli indodakazi kaLabani, umfowabo kanina, nezimvu zikaLabani umfowabo kanina, uJakobe wasondela, wagingqa itshe walisusa emlonyeni womthombo, wazivumela izimvu zikaLabani, umfowabo kanina. Nika amanzi. UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala. UJakobe wamtshela uRaheli ukuthi ungumfowabo kayise nokuthi uyindodana kaRebeka; wagijima watshela uyise. ULabani esezwile umbiko kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe. Wamtshela uLabani zonke lezi zinto. ULabani wathi kuye: “Ngempela, uyithambo lami nenyama yami.” Wahlala naye inyanga yonke.