UGenesise 28:12-15
UGenesise 28:12-15 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso. USimakade wema eduze kwakhe, wathi kuye: “NginguSimakade uNkulunkulu kayihlomkhulu, u-Abhrahama nokayihlo u-Isaka, leli lizwe olele kulo ngiyakulabela wena nezizukulwane zakho. Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho. Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”
UGenesise 28:12-15 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo. Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho. Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba. Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”
UGenesise 28:12-15 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Waphupha, bheka, kwakumi isikhwelo emhlabeni, isihloko saso sifinyelela ezulwini; futhi bheka, izingelosi zikaNkulunkulu zenyuka phezu kwawo futhi zehlela phezu kwawo. Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho; Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba. Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.