UGenesise 27:39-40
UGenesise 27:39-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye: “Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba namazolo ezulu avela phezulu. Uyakuphila ngenkemba yakho, umkhonze umfowenu; kuyakuthi lapho udlubulunda, uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.”
Dlulisela
Funda UGenesise 27UGenesise 27:39-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Uyise wayesethi kuye: “Uyohlala endaweni ekude nezwe elivundileyo, lapho kungekho mazolo avela phezulu ezulwini. Uyophila ngenkemba yakho, ube yisikhonzi somfowenu, kodwa lapho usumvukela uyolephula ijoka lakhe entanyeni yakho.”
Dlulisela
Funda UGenesise 27UGenesise 27:39-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Uyise u-Isaka waphendula, wathi kuye: “Bheka, indawo yakho yokuhlala iyakuba ngamanoni omhlaba namazolo ezulu phezulu; Uyakuphila ngenkemba yakho, umkhonze umfowenu; uma ubusa, uyakwephula ijoka lakhe lisuke entanyeni yakho.
Dlulisela
Funda UGenesise 27