UGenesise 25:19-26
UGenesise 25:19-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe. U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa. Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova. UJehova wathi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho; esinye isizwe siyakwahlula esinye, omkhulu akhonze omncane.” Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe. Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu. Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
UGenesise 25:19-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nanku umlando ka-Isaka indodana ka-Abhrahama: u-Abhrahama wazala u-Isaka. U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu. U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa. Abantwana babeqhubukushana ngaphakathi kuye, waze wathi: “Uma kuzoba nje, pho ngisaphilelani na?” Wayeseyobuza kuSimakade. USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.” Kwathi sesifikile isikhathi sokubeletha, wazibula ngamawele. Owabona ilanga kuqala wayenomzimba ompofu ngebala, ephuphuzela uboya bunjengobesiphuku, lona wamqamba igama wathi ngu-Esawu. Emva kwakhe kwazalwa umfowabo owaphuma ebambelele esithendeni sika-Esawu, wamqamba igama wathi nguJakobe. U-Isaka wayeneminyaka engama-60 ngesikhathi kuzalwa laba bafana.
UGenesise 25:19-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe. U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa. Abantwana baxabana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunjalo, nginje ngani na?” Futhi wahamba wayobuza eNkosini. UJehova wayesethi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; esinye isizwe siyakuba namandla kunesinye isizwe; futhi omkhulu kumelwe akhonze omncane. Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, kwakukhona amawele esizalweni sakhe. Waphuma owokuqala ebomvu, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu. Ngasemuva kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sabamba isithende sika-Esawu; igama lakhe lalinguJakobe, u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.