UGenesise 25:19-23
UGenesise 25:19-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Nanku umlando ka-Isaka indodana ka-Abhrahama: u-Abhrahama wazala u-Isaka. U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu. U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa. Abantwana babeqhubukushana ngaphakathi kuye, waze wathi: “Uma kuzoba nje, pho ngisaphilelani na?” Wayeseyobuza kuSimakade. USimakade wathi kuye
UGenesise 25:19-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe. U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa. Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova. UJehova wathi kuye
UGenesise 25:19-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe. U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa. Abantwana baxabana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunjalo, nginje ngani na?” Futhi wahamba wayobuza eNkosini. UJehova wayesethi kuye: “Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili; esinye isizwe siyakuba namandla kunesinye isizwe; futhi omkhulu kumelwe akhonze omncane.