UGenesise 21:1-3
UGenesise 21:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye. U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe azalelwe yona, ayizalelwe nguSara, ngokuthi u-Isaka.
UGenesise 21:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abhrahama indodana esemdala, ngesikhathi uNkulunkulu ayekhulume naye ngaso. U-Abhrahama wayiqamba indodana ayizalelwe nguSara ngokuthi ngu-Isaka.
UGenesise 21:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wamhambela uSara njengokukhuluma kwakhe, uJehova wenza kuSara njengokukhuluma kwakhe. USara wakhulelwa, wamzalela u-Abrahama indodana ebudaleni bakhe ngesikhathi esimisiwe uNkulunkulu abesikhulume kuye. U-Abrahama waqamba igama lendodana yakhe ayizalelwayo, uSara amzalela yona, ngokuthi u-Isaka.