UGenesise 2:8-9
UGenesise 2:8-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uNkulunkulu watshala insimu yezithelo e-Edeni ngasempumalanga, wambeka khona umuntu ayembumbile. USimakade uNkulunkulu watshala zonke izinhlobo zezihlahla ezibukekayo ukuba zithele izithelo ezinhle ezidliwayo. Phakathi naleyo nsimu kwakumile umuthi wokuphila, nomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi.
UGenesise 2:8-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.
UGenesise 2:8-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; futhi lapho wahlala phansi umuntu ayembumbile. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi eminingi emihle, enezithelo ezimnandi, ezidliwayo. Phakathi nensimu kwakumi umuthi wokuphila kanye nomuthi wokwazi okuhle nokubi.