UGenesise 2:21-25
UGenesise 2:21-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye. Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.
UGenesise 2:21-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo. USimakade uNkulunkulu wambumba owesifazane ngobambo ayeluthathe kumuntu, wayesemletha kuye. Umuntu wathi: “Manje lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lona uzobizwa ngokuthi ngumfazi ngoba uthathwe endodeni.” Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye. Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.
UGenesise 2:21-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; Ngobambo uJehova uNkulunkulu aluthatha kumuntu, wenza owesifazana, wamletha kumuntu. Wayesethi u-Adamu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi iNdodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngakho indoda izatshiya uyise lonina inamathele kumkayo, njalo bazakuba nyamanye. Babenqunu bobabili, umuntu nomkakhe, bengenamahloni.