UGenesise 2:19-20
UGenesise 2:19-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo. Umuntu waziqamba ngamagama zonke izilwane ezifuyiweyo, izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Kepha asikho phakathi kwalezo zilwane esatholakala sifanele ukuba ngumsizi wakhe.
UGenesise 2:19-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo. Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye.
UGenesise 2:19-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi uNkulunkulu yasibumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu; futhi waziletha ku-Adamu ukuze abone ukuthi uzoziqamba ngokuthini; nokuthi konke u-Adamu aziqamba ngakho konke okuphilayo, kwaba ngamagama azo. U-Adamu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zonke zezulu, nezilwane zasendle; kepha u-Adamu akafunyanwanga umsizi onjengaye.