UGenesise 2:15-24
UGenesise 2:15-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde. USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.” USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.” USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo. Umuntu waziqamba ngamagama zonke izilwane ezifuyiweyo, izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Kepha asikho phakathi kwalezo zilwane esatholakala sifanele ukuba ngumsizi wakhe. USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo. USimakade uNkulunkulu wambumba owesifazane ngobambo ayeluthathe kumuntu, wayesemletha kuye. Umuntu wathi: “Manje lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lona uzobizwa ngokuthi ngumfazi ngoba uthathwe endodeni.” Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.
UGenesise 2:15-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.” UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo. Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.
UGenesise 2:15-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho.” Kodwa ungasidli isithelo somuthi wolwazi lokuhle lokubi, ngoba mhla usidla kuwo uzakufa lokufa. INkosi uNkulunkulu yathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa; Ngizomenzela umsizi ozolingana naye. INkosi uNkulunkulu yasibumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu; futhi waziletha ku-Adamu ukuze abone ukuthi uzoziqamba ngokuthini; nokuthi konke u-Adamu aziqamba ngakho konke okuphilayo, kwaba ngamagama azo. U-Adamu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zonke zezulu, nezilwane zasendle; kepha u-Adamu akafunyanwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; Ngobambo uJehova uNkulunkulu aluthatha kumuntu, wenza owesifazana, wamletha kumuntu. Wayesethi u-Adamu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi iNdodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngakho indoda izatshiya uyise lonina inamathele kumkayo, njalo bazakuba nyamanye.