UGenesise 2:15-17
UGenesise 2:15-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde. USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.”
UGenesise 2:15-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”
UGenesise 2:15-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho.” Kodwa ungasidli isithelo somuthi wolwazi lokuhle lokubi, ngoba mhla usidla kuwo uzakufa lokufa.