UGenesise 2:1-3
UGenesise 2:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho. Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula. Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.
UGenesise 2:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke. UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile. UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.
UGenesise 2:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nebandla lakho lonke. UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa umsebenzi wakhe abewenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe abewenzile. UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba waphumula ngalo ngemva komsebenzi wonke wendalo ayewenzile.