UGenesise 18:16-21
UGenesise 18:16-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela. UJehova wathi: “Ngingamfihlela u-Abrahama lokho engizakukwenza na? U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba. Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.” UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela. Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.”
UGenesise 18:16-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lawo madoda asukuma ahamba alibhekisa eSodoma, u-Abhrahama wawaphelezela. USimakade wathi: “Ngimfihlele yini u-Abhrahama engikuhlosile na? Ngeke ngimfihlele, njengalokhu u-Abhrahama ezokuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba zibusiseke ngaye, futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.” USimakade wamtshela u-Abhrahama wathi: “Isikhalo ngeSodoma neGomora sesisikhulu kakhulu, nezono zabo zimbi kakhulu. Ngakho-ke ngizokwehlela khona ukuba ngibone ukuthi ngempela benze njengokwesikhalo esesifike kimi yini, uma kungenjalo, ngiyokwazi.”
UGenesise 18:16-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Amadoda asuka lapho abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ukuba awangenise endleleni. INkosi yasisithi: Ngifihlele uAbrahama engikwenzayo yini? Bhekani ukuthi u-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngaye? Ngokuba ngiyamazi, ukuze ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, bagcine indlela yeNkosi, benze ukulunga nokulunga; ukuze uJehova amehlisele u-Abrahama lokho ekushilo ngaye. INkosi yasisithi: Ngoba isililo seSodoma leGomora sikhulu, langoba isono sabo sinzima kakhulu; Manje ngizokwehla ngibone uma benzile ngokuphelele ngokuvumelana nokukhala kwalokho okwafika kimi; futhi uma kungenjalo, ngizokwazi.