UGenesise 18:1-2
UGenesise 18:1-2 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wabonakala ku-Abhrahama ngasezihlahleni ezinkulu zemi-okhi eMamre, ezihlalele emnyango wethende lakhe, lishisa bhe. Kwathi lapho u-Abhrahama ephakamisa amehlo, wabona amadoda amathathu emi buqamama naye. Uthe angawabona, wasuka emnyango wethende lakhe, wathathela ngejubane ewahlangabeza, wafike wakhothama wathi mbo ngobuso.
UGenesise 18:1-2 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini. Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama
UGenesise 18:1-2 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi yabonakala kuye emathafeni aseMamre, yahlala ngasemnyango wetende ekushiseni kwemini; Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.