UGenesise 17:17-21
UGenesise 17:17-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
U-Abrahama wawa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? noSara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na? U-Abrahama wathi kuNkulunkulu: “U-Ishmayeli makaphile phambi kwakho! UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe. Ngokuqondene no-Ishmayeli ngikuzwile: Bheka, ngimbusisile futhi ngizomenza azale futhi ngimandise kakhulukazi; uyakuzala izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu. Kodwa ngizamisa isivumelwano sami loIsaka, uSara azakuzalela yena ngalesisikhathi esimisiweyo ngomnyaka olandelayo.
UGenesise 17:17-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
U-Abhrahama wakhothama wathi mbo ngobuso wahleka, wakhuluma yedwa wathi: “Indoda ingayizala kanjani ingane isinekhulu leminyaka na? USara angabe esakwazi ukuzala ingane esehlanganise iminyaka engama-90, na?” Wathi u-Abhrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.” UNkulunkulu wathi: “Akunjalo; ngumkakho uSara ozokuzalela indodana; uyiqambe igama uthi ngu-Isaka. Ngiyosigcina isivumelwano sami nakuye, sibe yisivumelwano saphakade ngisho nasesizukulwaneni sakhe. Mayelana no-Ishmayeli ngisizwile isicelo sakho, naye ngizombusisa ngimuphe inzalo eningi, nezizukulwane eziningi. Uyakuba nguyise wamakhosi ayi-12, ngimenze abe yisizwe esikhulu. Kepha isivumelwano sami ngiyosimisa no-Isaka, ozomzalelwa nguSara ngalesi sikhathi, ngonyaka ozayo.”
UGenesise 17:17-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?” Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.” UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe. Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu. Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.”