UGenesise 1:3-5
UGenesise 1:3-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UNkulunkulu wathi: Makube khona ukukhanya, futhi kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, futhi uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi yiMini, nobumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba sebusuku, kwaba ngukusa. Kwakuwusuku lokuqala.
UGenesise 1:3-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya.” Kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukuthi ukukhanya kuhle, uNkulunkulu wayesehlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wakubiza ukukhanya ngokuthi yimini, ubumnyama wabubiza ngokuthi wubusuku. Kwahlwa, kwabuye kwasa, kwaba ngusuku lokuqala.
UGenesise 1:3-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.